*NUMSA ISEKA ISITELEKA SABAQHUBI BAMALOLI*

**

*15 Febhuwari 2011*

**

Inyunyana yabasenzi basembonini yensimbi, iNational Union of Metalworkers of
South Africa (Numsa) iyasiseka isiteleka sabasebenzi bamaloli esiholwa
inyunyana esidlelana nayo embonini yezokuthuthatha, iSouth African Transport
and Allied Workers Union (Satawu), sokuphucula izimpilo zabasebenzi kanye
namaholo angcono okuphila.



Lesi siteleka kuzomele sibhekwe ngasohlangothini lwemizabalazo kuzwelonke
yabasenzi sokulelwa amaholo alinganayo ezimbonini zokukhiqiza. Abasenzi
kanye nabantu abahlwempu babhekene nengwadla yokunyuka kwamazinga okuphila
ezweni sakhile okubangelwa ukunyuka ketilasipoti, ezemfundo, nokudla
nokunamathisele kakhulu nezinga labantu abantula amathuba omsebenzi emindeni
yezimfabanga nabahlwempu.



Lokhukhulela ngoqo wesiteleka uhambisana ncamashi nesibophezele esinziwe
uKhongolose (ANC) okhethweni oledlule lukazwelonke lokudala imisebenzi
engcono kanye nempilo engculisayo ebantwini bakwethu. Sihlaba ikhwelo
kubasebenzi abatelekile ukuthi bayibambe iqine, khona sizokwazi ukwehlisa
izinga elibizayo lokuphila, okwehluke kakhulu kunokwehlisa izinga lokwenza
ibhizinisi abantu belambile.



Lesi siteleka kuzomele ukuthi sidlale indima enkulu okuchitheni imibono
equkethwe emqulwini kaHulumeni owaziwa ngeNew Growth Path (NGP), ehlongoza
ukuthi abasebenzi abangafuni ukunyselwa amaholo ngemali eningi.



Abasebenzi abangaphambuki emzabalazweni wabo wamaholo angcono kwazise phela
izinsizwa kanye nenzintombi ezifaka umfanekeswayo ophuzi uyabahlumeza
ngesandla esimanzonzo. AmaPhoyisa awasona isigungu sokudikida amaholo, futhi
amaPhoyisa akufanele asebinzi indluzula uma Abasenzi nabaqashi bengaboni
ngasolinye ngamaholo.



Lesenzo samaPhoyisa sokuhlukumeza abasenzi betelekile sikhombisa ukuthi
amaPhoyisa awondlavini, ngoba okokuqala nje nawo amaPhoyisa abasenzi, futhi
avela khona ezindaweni la indlala ibhokile emindenini njengabo abasenzi
abasesitelekeni nabo futhi bayafa eqolo ngendlela amazinga okuphila
enyukile.



NjengeNumsa, sithi komtakabani abadla izambane likapodo futhi abaphethe
imboni yezokuthutha abanike abasebenzi inzimfuno zabo ngokushesha.



Xhumana:

*Castro Ngobese, Isikhulumi sikazwelonke – 073 299 1595*





-- 
You received this message because you are subscribed to the Google Groups
"NUMSA Media Releases" group. For archive, pages and files, visit this group
at http://groups-beta.google.com/group/numsa-media-releases
To unsubscribe from this group, send email to
[email protected]
NUMSA's main web site is at http://www.numsa.org.za/

-- 
You are subscribed. This footer can help you.
Please POST your comments to [email protected] or reply to this 
message.
You can visit the group WEB SITE at 
http://groups.google.com/group/yclsa-eom-forum for different delivery options, 
pages, files and membership.
To UNSUBSCRIBE, please email [email protected] . You 
don't have to put anything in the "Subject:" field. You don't have to put 
anything in the message part. All you have to do is to send an e-mail to this 
address (repeat): [email protected] .

Reply via email to