Umsebenzi Online
 
Umsebenzi Online 90th Anniversary Special Edition

 
 
In this Issue:
 Umsebenzi
              hand
AmaKhomanisi awasoze aphele amandla (below)
How should communists remember their own history?
Address by the President of the African National Congress, at the 90th Anniversary Celebration Gala Dinner of the South African Communist Party
Happy 90 years to the SACP
 
 

AmaKhomanisi awasoze aphele amandla
 
 
Obhalile nguDkt Blade Nzimande, uNobhala-Jikelele we-SACP
 
Kulenyanga esiphuma kuyo amaKhomanisi aseMzansi abegubha iminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye kwasungulwa iSACP. Bekunomgubho omkhulu izolo eClermont lapho bekubhiyozelwa khona le ngqophamlando.
 
Uma sigubha lolu suku lwayizolo abasebenzi nabantu bakithi abahlwempu basuke bekhumbula iqhaza elibanjwe ngamaKhomanisi, amaBomvu phela, ukulwela inkululeko ezweni lakithi, kanye nasemzabalazweni wokuchitha uhulumeni wobandlululo. Awukho umkhakha womzabalazo amaKhomanisi angazange angene kuwo kuyo yonke le minyaka aba khona. Kungakho-nje ungekho umlando ongabhalwa ngezwe lakithi kepha libe lingaveli igama lamaKhomanisi.
 
I-SACP ngumbutho wabasebenzi ozabalazela ukuchithwa kwenqubo yobungxiwankulu nogimbelakwesabo ukuze kwakhiwe inqubo kamadlandawonye, i-socialism. Umadlandawonye kuyoba ngumbuso lapho izintambo zikahulumeni nezikhonkwane zomnotho ziphethwe ngabasebenzi uqobo lwabo. Lokhu kungenxa yokuthi umnotho wezwe wakhiwe ngamandla nezithukuthuku zabasebenzi. Kepha abasebenzi ngaphansi kohlelo logimbelakwesabo bayaxhashazwa, baholelwa kancane, bese kuthi izithukuthuku zabo ziyongena eziswini ezingagcwali zedlanzana labaxhaphazi, ogimbelakwesabo, ama-capitalist.
 
Kusukela eminyakeni engaphezulu kwengu-80 amaKhomanisi aseMzansi alwisane nengcindezelo yobandlululo ngokubambi-sana noKhongolose. AmaKhomanisi aphinde angenela umzabalazo wezikhali ngaphansi koMkhonto weSizwe, alwa ngokukhulu ukuzinikela futhi abamba iqhaza kuyo yonke imikhakha yomshoshaphansi ekulweni nombuso wobandlululo. Amanye amaKhomanisi afana noMnuz Johannes Nkosi noMnuz Chris Hani aze anikela ngezimpilo zawo uqobo ukuze kukhululeke izwe lakithi.
 
Alikho iqembu lezepolitiki kuleli zwe lakithi eledlula amaKhomanisi ekwakheni izinyunyana zabasebenzi, ikakhulukazi lezo ezimele abantu abamnyama. AmaBomvu aphinde abamba iqhaza elikhulu ekwakhiweni kwesikhondlakhondla somfelandawonye wezinyunyana iCosatu. Nanamuhla singamaBomvu sisaqhubeka nokuzabalaza nokuqinisa izinyunyana zabasebenzi njengesisekelo somzabalazo wethu wokuchitha inqubo yogimbelakwesabo.
 
I-SACP muva nje ihole yangenelela nemizabalazo nemikhankaso yokuthi kubuyiselwe umhlaba kubantu nokuthi amabhange aleli zwe aguqulwe akwazi ukufeza izinhloso zabantu bakithi abahluphekayo. Kanjalo siqhubeke nokuzabalazela Umzansi Account nokuba kukhishwe abantu bakithi ohlwini lwabakweletayo (credit bureaux), nanokuthi baziswe uma bezofakwa kulolu hla. AmaKhomanisi yiwo awokuqala asukumele inkohlakalo yokwebiwa kwezimali zikahulumeni nasezinkampanini zangasese nokuthi amathenda kahulumeni angaxhashazwa ngamasela.
 
SingamaKhomanisi aseMzansi siyiqembu lezombangazwe. Kungakho sibambe iqhaza kuhulumeni oholwa nguKhongolose noMfelandawonye (alliance). Kulabo abathi amaKhomanisi awangangeni kuhulumeni, sifisa ukusho kubo ukuthi lokhu abakushoyo akwehlukile nemizamo kahulumeni wobandlululo owawungafuni nakuwabona amaKhomanisi eduze kwezakhiwo zikahulumeni. Sizoqhubeka nokuzabalazela ukuthi izinhlelo nezinhloso zalohulumeni ziphumelele, ikakhulukazi lokho okuqha-kanjiswe njengezinhloso zawo eziphambili: ukwakhiwa kwamathuba emisebenzi, imfundo evuleleke kuwo wonke umuntu, ezempilo kubo bonke abantu, ukulwisana nobugebengu nenkohlakalo, kanye nokuthuthukiswa kwezindawo zasemakhaya.
 
Konke lokhu sizokuqhuba singaphakathi nangaphandle kwezakhiwo zikahulumeni.
 
Ngokwethu ukubona akukho ukushayisana phakathi kokuba ngaphakathi ezakhiweni zikahulumeni nokuqhubeka nemizabalazo yabasebenzi nabantu bakithi abahlwempu singumbutho ozimele. Uhulumeni eyedwa, engasekelwe yimizabalazo yabantu, angeke akwazi ukufeza izinhloso zakhe ezibalulekile.
 
AmaKhomanisi asazoqhubeka azabalaze nabasebenzi ukuze bahole imali engcono, nanokuthi igebe emiholweni phakathi kwabaphethe izimboni nabasebenzi lincishiswe.
 
Abanye babaphathi bezimboni bahola ngonyaka umunye imali iningi labasebenzi elingeke liyihole impilo yabo yonke besebenza. Lokhu kuxhashazwa amaKhomanisi azolwa nakho ngawo wonke amandla anawo.
 
Njengoba siphuma okhethweni lohulumeni basekhaya ngoMeyi, izakhiwo zamaKhomanisi zizokwenza isiqiniseko sokuthi ziyasebenza nabantu ukuze zonke lezo zinto athe uhulumeni uzozenza kube ziyenzeka. Kanjalo futhi sizoqinisekisa ukuthi amaKhansela ka-ANC ahlala exhumene nabantu, abambe nemihlangano yemiphakathi njalo emva kwezinyanga ezintathu. Lokhu sizokwenza futhi ngokuthi sihlale njalo siya kubantu siyozwa lokho okuyizinkinga zabo, singagcini ukubavakashela uma kuyisikhathi sokhetho.
 
AmaKhomanisi azoqhubeka nokukhombisa abantu bakithi ukuthi izinhlangano ezifana ne-DA ne-IFP azisoze zikwazi ukuxazulula izinkinga ezibhekene nazo.
 
I-DA yiqembu elimele izinhloso zongxiwankulu nogimbelakwesabo kanye nedlanzana labamhlophe elingenandaba nokuhlupheka nokuxhashazwa kwabantu abamnyana. INkatha yona yiqembu eseliphelelwe yisikhathi, elingasazi nhlobo nokuthi yiziphi izinto ezifunwa ngabasebenzi nabantu bakithi abahlwempu.
 
Sithi kubo bonke abasebenzi nabantu bakithi bebonke mabaqhubeke nokuhlanganyela ne-SACP noMfelandawonye nohulumeni wethu ekwenzeni impilo engcono kuwo wonke umuntu. Abasebenzi mabaqhubeke nokuzabalaza ukuze ekugcineni sifike embusweni kamadlandawonye.
 
SingamaKhomanisi aseMzansi sithi bonke abasebenzi nabantu bakithi abangenalutho mabahlanganyele ne-SACP ukuyibongela ukuthi seyize yaba neminyaka engu-90 ilwela lokho abakufunayo. AmaKhomanisi yiwo ayikhala lempi (vanguard) yomzabalazo wabasebenzi kuleli zwe lakithi. AmaKhomanisi awasoze aphele amandla!
 
Asikhulume!
 
(This article was published in Isolezwe on Monday, 1 August 2011)



 

--
You are subscribed. This footer can help you.
Please POST your comments to [email protected] or reply to this message.
You can visit the group WEB SITE at http://groups.google.com/group/yclsa-eom-forum for different delivery options, pages, files and membership.
To UNSUBSCRIBE, please email [email protected] . You don't have to put anything in the "Subject:" field. You don't have to put anything in the message part. All you have to do is to send an e-mail to this address (repeat): [email protected] .

Reply via email to