Isolezwe.png
Ukhala ngabe-ANC unkosikazi kaVavi Celani Sikhakhane, Isolezwe, Durban, 14 January 2015 UKHIHLE esikaNandi unkosikazi kaMnuz Zwelinzima Vavi onguNobhala-Jikelele weCosatu ebalisa ngabaholi abathile be-ANC abasola ngokuzama ukumcekela phansi ngokuthi bamqhathe nomphakathi waKwaXimba, eThekwini, ukuze kuxoshwe inkampani yakhe esebenzela khona ngenxa yenzondo ebhekiswe kumyeni wakhe. UNkk Noluthando Vavi uthinte Isolezwe ekhala izinyembezi ethi akazi ukuthi yini lena engaka ayonile ukuthi usengaze ahlukunyezwe kangaka kube nabaholi abaku-ANC abazama ukugovuza umphakathi waKwaXimba ukuze uvukele inkampani yakhe Izwelothando Minerals & Resources. "Ngiyafisa ukwazi ukuthi ngoneni kubantu baseThekwini ekubeni ngazabalaza kangaka ngilwela impilo engcono yomuntu omnyama ngasebenzela khona iminyaka engu-15 nginguthisha KwaMashu. Ngiyahlukunyezwa ngiwumuntu wesifazane, kunabantu abazama ukungiqhatha nabasebenzi bami nomphakathi waKwaXimba kuthiwa mina ngisebenzisa ama-labour broker ekubeni ngingakaze ngiwasebenzise. Kuyinto eyaziwayo ukuthi inkampani yami ibaqashe ngokugcwele abasebenzi futhi bahola ngisho bengekho emsebenzini. "Umphakathi waKwaXimba ngisebenzisana kahle kabi nawo ngize ngibasize abanye ngibangcwabele uma belubikile usizi lwabo ngoba ngiyakwazi ukuhlupheka kwabantu bakithi. "Ngisho izingane ngizifundisa mahhala ezikoleni ezahlukene kodwa kunabantu abasebenzisa ipolitiki ukungihlukumeza," kusho uNkk Vavi obehluleka ukuzibamba ukukhala. Ngenyanga edlule Isolezwe libike udaba lwenkampani kaNkk Vavi ukuthi kunemashi ehlelwa umphakathi waKwaXimba ofuna ukuthi le nkampani ixoshwe endaweni ngoba ayiqashi muntu wendawo kodwa isetshenzelwa ngabantu bangaphandle. IZwelothando Minerals & Resources isebenzela inkampani i-Assmang kaMnuz Patrice Motsepe ngamaloli ayithuthela insimbi ayisabalalise nazo zonke izingxenye zezwe. Kube nezinsolo zokuthi kunabasebenzi abangu-25 abaxoshiwe kanti abanye abaholelwa kodwa uNkk Vavi ukuchithile lokhu wathi ibuhlungu inhliziyo yakhe ngoba kuliwa nomyeni wakhe ngaye ukuze avalwe umlomo ngodaba lokulwela abasebenzi yikho kuhlukunyezwa yena kubhecwa nenkampani yakhe ngezinto angazazi. "UVavi ubethandwa ngesikhathi ethwele ngeqoma ubaba uJacob Zuma kuyiwa ePolokwane, kodwa sekunele kwaba nokungagculiseki kukaVavi ngezinye zezinto angazithandi kuMsholozi useyazondwa sekuhlukunyezwa nami. Okokuqala angitholi ngisho amathenda kahulumeni ngiyazizamela ngebhizinisi lamaloli angikho ngisho kulezi zinto zama-BEE lapho abantu besebenza nabamhlophe kodwa ngingowesifaza-ne omnyama ozimele. Akugcini lapho nginobufakazi bama-payslip achazayo ukuthi abasebenzi bami bahola kanjani futhi abaqashiwe yizinkampani lezi ezingafuneki. "Okunye ngibaphethe kahle ngibahlinzeka ngokudla njengoba kunenkampani ebaphekelayo mahhala bese kuthi labo abasebenzela kude ngibahlinzeka ngezindawo zokulala ngaphansi kwenkampani yezakhiwo iPam Goldings enginesivumelwano nayo sokusebenzisana ukuze kungabibikho umsebenzi wami oshayela iloli olala emgwaqweni," kusho uNkk Vavi. Uthe yena uzabalazile waba nguthisha KwaMashu bakha i-ANC eyisishoshovu senyunyana yothisha iSadtu iminyaka engu-15 waba naku-SACP nakuCosatu kodwa namhlanje usephathwa njengesihambi eThekwini uqanjelwa amanga ngoba nje kuzanywa ukuthi kucekelwe phansi uVavi. Uthe okumxakayo wukuthi inkampani yakhe inamaloli ayisishiyagalolunye kuphela e-Assmang futhi nguyena yedwa umuntu wesifazane omnyama osebenza ngaleli bhizinisi kodwa akushiwo lutho ngamabhunu anenqwaba yamaloli ngaphakathi. Uthe miningi imizamo eyenziwe ukucekela phansi uVavi kodwa ayiphumelelanga yingakho namanje esameseka kukhona konke asolwa ngakho. From: http://www.iol.co.za/isolezwe/ukhala-ngabe-anc-unkosikazi-kavavi-1.1804849#. VLdPviuUeD8 -- -- You are subscribed. This footer can help you. Please POST your comments to [email protected] or reply to this message. You can visit the group WEB SITE at http://groups.google.com/group/yclsa-eom-forum for different delivery options, pages, files and membership. To UNSUBSCRIBE, please email [email protected] . You don't have to put anything in the "Subject:" field. You don't have to put anything in the message part. All you have to do is to send an e-mail to this address (repeat): [email protected] . --- You received this message because you are subscribed to the Google Groups "YCLSA Discussion Forum" group. To unsubscribe from this group and stop receiving emails from it, send an email to [email protected]. For more options, visit https://groups.google.com/d/optout.
