Isolezwe.png
Sekuneqembu eliphikisa owaseNkandla Zanele Msomi, Isolezwe, KZN, 28 March 2014 INHLANGANO yezifundiswa KwaZulu-Natal ithi awunaso isisekelo umbiko woMvikeli woMphakathi u-Advocate Thuli Madonsela ophume ngeledlule ngokwakhiwa komuzi waseNkandla kaMengameli Jacob Zuma. I-Progressive Professionals Forum ehlanganisa abameli, othisha nezinye izifundiswa emikhakheni ehlukene ifuna ubuyekezwe lo mbiko. UMnuz Mbuyiseni Mathonsi onguNobhala weSouth African Democratic Teachers Union (Sadtu) futhi oyilungu leProgressive Professionals Forum ukugcizelele ukuthi ayihlangene nepolitiki. "Sijoyine njengezifundiswa ezikukhathalele ukufundisa umphakathi. Umbiko kaMadonsela unamagqubu nepolitiki. Umphakathi udukisiwe ngoba akucaciswanga okuningi. Uma lo mbiko ungaphikiswa, uzolimaza umphakathi nesithunzi sikamengameli," echaza. Uthe abakhethanga ukuwuphikisa ngoba uthinta umengameli kodwa wumthwalo wabo ukufundisa umphakathi. UMathonsi uthe ngoMsombuluko bebenomhlangano wokugcina ngalolu daba kanti balindele kujoyine nezinye izinhlaka. "Sizoya enkantolo sithi awubuyekezwe ukuze udatshulwe lo mbiko. Umphakathi ukhonjiswe umuzi omusha kanti kwakudala besikhona isibaya nehhoko. Lezi zakhiwo zagudluzwa ukuqinisa ezokuphepha. Uzokhokhelani umengameli ngoba isibaya wayevele enaso?" usho kanje. Ngeledlule u-Adv Madonsela wanekela izwe umbiko owawubhekwe ngabomvu oveze ukuthi umuzi kamengameli uzogcina udle uR246 million. Ugxeke umengameli ngokuwuhlaba inhlali esezwile ukuthi yimalini ezosetshenziswa kuqiniswa ezokuphepha emzini wakhe. Uyalele umengameli ukuthi akhokhe imali okuthiwa yasebenza ukwakha isibaya, ihhoko lezinkukhu, ichibi lokubhukuda, indawo yokungcebeleka neyezivakashi. Kuthiwa umengameli wahlomula kungafanele kusetshenziswa imali yabakhokhi bentela. U-Adv Madonsela uyalele umengameli ukuthi aphendule ephalamende ngombiko. USomlomo wephalamende uMnuz Max Sisulu ephendula i-DA uthe basazokucubungula ukuthi sikhona yini isidingo sokudingidwa kombiko ephalamende. Ngeledlule i-DA ne-Economic Freedom Fighters ivulele umengameli icala imsola ngokungathembeki ngalo mbiko. USolwazi Shadrack Gutto, ongumhlaziyi wezomthetho e-Unisa, uthe onganelisekile ngombiko unelungelo lokuya enkantolo ukucela ukuthi ubhekisiswe. Izolo iCongress of South African Trade Unions (Cosatu), ekhulunyelwa nguMnuz Patrick Craven, ithe abathintekayo ekuxhaphazeni imali yabakhokhi bentela ngodaba lwaseNkandla kumele bathathelwe izinyathelo. Ikugxekile ukuvulela umengameli icala nomkhankaso wamaqembu aphikisayo wokumehlisa esikhundleni. From: http://www.iol.co.za/isolezwe/sekuneqembu-eliphikisa-owasenkandla-1.1667765# .UzWymfmSyD8 -- -- You are subscribed. This footer can help you. Please POST your comments to [email protected] or reply to this message. You can visit the group WEB SITE at http://groups.google.com/group/yclsa-eom-forum for different delivery options, pages, files and membership. To UNSUBSCRIBE, please email [email protected] . You don't have to put anything in the "Subject:" field. You don't have to put anything in the message part. All you have to do is to send an e-mail to this address (repeat): [email protected] . --- You received this message because you are subscribed to the Google Groups "YCLSA Discussion Forum" group. To unsubscribe from this group and stop receiving emails from it, send an email to [email protected]. For more options, visit https://groups.google.com/d/optout.
<<image002.jpg>>
