Isolezwe.png

 

 

ISadtu ichitha eyokugwazisa

 

 

Mhlengi Shangase, Isolezwe, Durban, 5 June 2014

 

UBUHOLI beSouth African Democratic Teachers Union (Sadtu) KwaZulu-Natal
buchithe izinsolo zokuthi le nyunyana iyathinteka ekudayisweni kwezikhala
zothishanhloko, ezabaqondisi boMnyango wezeMfundo noma ezothisha ezikoleni
zesifundazwe.

 

ISadtu ithi labo abafafaza lokhu bahubhuza amanga futhi badicilela phansi
igama layo.

 

UNobhala weSadtu uMnuz Mbuyiseni Mathonsi, uthe bafuna kuphenywe ngokushesha
lezi zinsolo futhi bazosebenzisana nazo zonke izinhlaka ezizophenya lolu
daba.

 

Uthe amalungu abo uma kuqashwa abantu ezikoleni asuke ekhona ethimbeni
elibheka ukuthi uhlelo luhamba kanjani kodwa awanamthelela ekuqashweni noma
ekungaqashweni komuntu.

 

"Ethimbeni kusuke kukhona nazo zonke ezinye izinyunyana zothisha ngakho
akukwazi ukuthi kungathiwa iSadtu iyona enqumayo ngokuthi isikhala sizoya
kubani. Amalungu ezinyunyana asuke ezobuka uhlelo lokuqasha ukuthi luhamba
kanjani kodwa awabeki vo, awabuzi mibuzo futhi awaphawuli ayekela lonke
uhlelo ethimbeni elisuke liholwa yisigungu sesikole," kusho uMathonsi.

 

UMathonsi uphefumula nje kunophenyo kuzwelonke oluholwa yizinhlaka ezifana
nomkhandlu olawula othisha iSace, umkhandlu okubhungwa izindaba zothisha
i-ELRC nezinye eziphenya lezi zinsolo zokudayiswa kwezikhala.

 

Kuthiwa amalungu afuna izikhala zokuba ngothishanhloko kumele akhokhe u-R30
000 kuthi labo abafuna ukuba abaqondisi bezifunda zomnyango bona kumele
bakhokhe u-R100 000.

 

Lo mkhuba kuthiwa wande kakhulu kulesi sifundazwe naseNorth West.

 

UMathonsi uthe njengoba benamalungu amaningi esifundazweni kwakha umqondo
ukuthi izikhala eziningi zitholwe amalungu abo ngoba ezinye izinyunyana
zinesibalo esincane samalungu.

 

"Siyavumelana nokuthi kuphenywe futhi kusheshiswe lolu phenyo ukuze kugezeke
igama lethu. Odabeni luka-R100 000 olwake lwabhalwa Isolezwe yiSadtu
eyanxusa uMnyango wezeMfundo esifundazweni ukuthi uphenye lezi zinsolo, lo
mnyango awuzange ubuyele kithina nezimpendulo," usho kanje.

 

Ubekhuluma ngodaba olwabhalwa yileli phephandaba mayelana nezinsolo zokuthi
omunye wababefuna umsebenzi wokuba ngumqondisi womnyango esifundeni iLembe
wakhala ngokuthi kwathiwa akakhiphe intshontsho lika-R100 000 ukuze athole
lesi sikhundla.

 

Uthe uphenyo lukazwelonke olujutshwe nguNgqongqoshe Angie Motshekga mayelana
nokudayiswa kwezikhala luzothatha isikhathi ekubeni kuqhubeka ukungcoliswa
kwegama lenyunyana.

 

"Sisalinde nombono wokuthi siye enkantolo ephenya amacala athinta imali
ngoba indaba yokushintshana ngemali idinga inkantolo efuze le."

 

 

http://www.iol.co.za/isolezwe/isadtu-ichitha-eyokugwazisa-1.1699071#.U5DM6vm
SyD8

 

 

 

 

 

-- 
-- 
You are subscribed. This footer can help you.
Please POST your comments to [email protected] or reply to this 
message.
You can visit the group WEB SITE at 
http://groups.google.com/group/yclsa-eom-forum for different delivery options, 
pages, files and membership.
To UNSUBSCRIBE, please email [email protected] . You 
don't have to put anything in the "Subject:" field. You don't have to put 
anything in the message part. All you have to do is to send an e-mail to this 
address (repeat): [email protected] .

--- 
You received this message because you are subscribed to the Google Groups 
"YCLSA Discussion Forum" group.
To unsubscribe from this group and stop receiving emails from it, send an email 
to [email protected].
For more options, visit https://groups.google.com/d/optout.

Reply via email to