SA Coat of Arms 4.jpg

The Presidency, Pretoria, 4 January 2015

 

 

Inkulumo KaMongameli Jacob Zuma

 

iNhloko ye Jacob G Zuma Foundation

 

eNkonzweni yeBandla lamaRoma aKhatholika e St Joseph Cathedral, Marianhill,
Durban

 

 

Mhlekazi, Baba uMbhishobhi uDlungwane,

Undunankulu wakwaZulu-Natal Umnumzane Senzo Mchunu,

Ubuholi Bonke Bama Roma AKhatholika namalunga wonke eBandla,

Baba uSodolobha iMeya yeTheku, iKhansela uJames Nxumalo

Amalunga Esishayamthetho SakwaZulu-Natal,

Inkosi YesiZwe samaNganga namaKhosi onke AseNdlunkulu,

OsomaBhizinisi abakhona

Usihlalo weBhodi le Jacob G. Zuma Foundation, uMama uDudu Myeni

Amalunga e Jacob G. Zuma Foundation board,

Amalunga onke omphakathi akhona phakathi kwethu,

 

Ngiyanibingelela nonke kulemini ebalulekile yokukhonza uMdali.

 

Siyanibingelela onyakeni omusha, sibonge nakuMdali osigcine kwaze kwangena
lonyaka ka-2015.

 

Ngithanda ukuqala ngibonge kuwe Mhlekazi, nebandla lonke. Ngibonga angiphezi
ngokubambisana okuhle kwamakholwa nohulumeni. Phela, kuhle ukusebenzisana
nokubambisana emsebenzini wokwakha isizwe sakithi, nezwe lethu.

 

Ukwakha isizwe kusho khona lokhu. Ngaphandle kwebandla uhulumeni ngeke
aphumelele kahle ngokugcwele ngoba ibandla lakha imiphefumulo, liqinisa
isizwe libuye lenze omkhulu umsebenzi emphakathini ezemfundo, ezempilo
nokunakekela abantulayo.

 

Nebandla liyamdinga uhulumeni ukuba alungise izinto nempilo yabantu, ukuze
lisebenzele umphakathi kahle nalo ibandla.

 

Ngakho-ke, njengebandla nohulumeni siyadingana, izandla kufanele zigezane.

 

Bazalwane, ngibonga imithandazo yenu, nisikhulekela ukuba esikwenzayo
kuhlume, kuchume, nokuthi kube nokuthula noxolo eNingizimu Afrika.

 

Sibonga imikhuleko yenu nithandazela ukuba kube nokhetho lukazwelonke,
oluyimpumelelo nolunokuthula.

 

Ngikhumbula kahle ngoba ngangilapha kulelibandla kuqala unyaka odlule,
sahamba siphethe izibusiso. Siyabonga.

 

Silapha namuhla sinivakashele lapha kwikomkhulu le-diocese, kubaba uMhlekazi
uDlungwane, sizogcina isethembiso esasenza ekuqaleni konyaka odlule.
Sathembisa ukwelekelela uMhlekazi ekuhumusheni iBhayibheli ngesiZulu.

 

Ngaqinisekisa ukuthi sizoweseka lomsebenzi ngalokho okuncane esinakho, ngoba
baningi abantu abalidingayo leliBhayibheli ngolimi lukaPhunga noMageba
olubhalwe ngendlela eyiyo hayi efuniselayo.

 

AmaBhayibheli ahunyushelwe esiNgisini angaphezu kwekhulu:

 

Uma ngiwacaphuna kancane singabala afana ne:

 

.    King James,

.    New King James,

.    Good News,

.    Revised Standard Version,

.    American Bible,

.    Jerusalem Bible,

.    English Standard Version,

.    Geneva Bible,

.    New International Version, njalonjalo.

 

Kukhona ngisho isichaza-ngqikithi seBhayibheli, elibizwa nge Concordance.
Ngeshwa esiZulwini lilodwa vo yize bebaningi abantu abakhuluma isiZulu
okwedlula abesiNgisi lapha eNingizimu Afrika.

 

Ngakhoke kuyinjabulo enkulu ukusekela lomsebenzi obaluleke kangaka.
Lomsebenzi uhambisana nomthetho omusha oshaywe uhulumeni othi kufanele zonke
izilimi ezweni zihloniswe futhi ziqhakambiswe.

 

Ngikhuluma nje iminyango kahulumeni isinqunyelwe ugwayi katiki ukuthi
nonyaka yonke ibe nemigomo yezilwimi isho ukuthi yiziphi ezosisebenzisa
futhi kanjani.

 

Silindele impela ukuthi yonke iminyango izonika ungqongqoshe wezamasiko
imininingwane yokuthi yini abazoyenza ngoba sesihambile isikhathi
zinganakiwe ezinye izilwimi.

 

Uzokhumbula Mhlekazi nebandla ukuthi kudala siwuhlela lomcimbi kodwa
kwangaqondana kahle hle izinsuku zethu nezebandla.

 

Thina sase siqoke usuku, sifisa ukuletha isethembiso, phinde kwala umsebenzi
wakhe uMhlekazi ngezinsuku zePhasika.

 

Kwasicacela ukuthi ibandla linezinhlelo ezazingeke zisahlehliswa.

 

Kuye kuthiwe umnikelo awukaze ubole. Sibonga uthando, sibonga ukusebenzisana
nebandla, sibonga ukubambisana ekwakheni isizwe nezwe lethu.

 

Makholwa amahle, siyacela futhi ukuthi masithandazeni ukuba izwe lethu
lazise inhlonipho. Sifunda lukhulu kubaba umhlekazi uMbhishobhi uDlungwane,
sifunda inhlonipho.  Omunye umuntu awumbukeli phansi, abantu babalulekile
bonke kuwena. Ubuholi ke lobo, Siyabonga ngalesisifundo. 

 

Sishumayela inhlonipho nothando ngaso sonke isikhathi. Ake sibe yilawo
Makholwa, sibe yileso sizwe esinonembeza, esidume ngobuntu, uzwelo, uthando
lomunye nomunye nangenhlonipho.

 

Sithi zingane nentsha, ningabalaleli abantu abadala abanifundisa ukwedelela,
nobuxhwanguxhwangu. Ningabaholi bakusasa. Lelizwe solishiya ezandleni zenu,
thina sesikhulile.  Yibani abaholi bakusasa abaqotho futhi abanenhlonipho.

 

Baba Mhlekazi nebandla,

 

Siyazibophezela mina ne-Foundation yami kulomsebenzi wokuhumusha
IBhayibheli,libe solimini luka Phunga noMageba, isiZulu esijulile.

 

Ngithi mawuqhubeke umsebenzi uye phambili.

 

Ithimba lami le Foundation, lingazisile ukuthi, IBandla likhuthalele
ukuzicija ngezikhathi zonke.

 

Ngitholile ukuthi  nithumele ithimba ukuthi liyofunda izilimi zeBhayibheli,
isiGriki nesiHebheru nezinye izilimi elabhalwa ngazo. Ngiyezwa ukuthi babuye
sebeziveteza lezilimi. Ngoba phela lokho kuveza ubumqoka balomsebenzi.

 

Abantu kufanele bezwe izwi ngolimi lwabo lwangempela, hhayi isifanakalo
seBhayibheli.

 

Engathi kuzoba ithimba elicije kahle elizohumusha ngoba liholwa nguwena qobo
baba Mhlekazi ngoba ufunde wagogoda ngezeBhayibheli eCANADA. Ngiyezwa futhi
ukuthi kulelithimba kukhona nomunye uMbhishobhi owazenza eRome izifundo
zebhayibheli, nabaPhriste ababili obathumele eRome abanolwazi lwalezi zilimi
okwaqhamuka kulo ibhayibheli.

 

Ngiyezwa futhi ukuthi unongoti bolimi lwesiZulu kanye namasiko akithi
ethimbeni elihumushayo.

 

Siyawubonga lomsebenzi wakho, uyancomeka.

 

Abathathu kulo osolwazi bolimi namasiko, kuphinde kube khona abangongoti
bokholo (Theology)

 

Masibambisane, sakhe iNingizimu Afrika enhle, sixoxe izindaba ezimnandi
ngezwe lethu.

 

Siyabonga kakhulu ukuthola lelithuba!

 

uNkulunkulu anibusise, asikelele neNingizimu Afrika yonkana.

 

Ngiyabonga kakhulu.

 

 

Issued by:

The Presidency, Pretoria

 

 

 

 

 

 

 

-- 
-- 
You are subscribed. This footer can help you.
Please POST your comments to [email protected] or reply to this 
message.
You can visit the group WEB SITE at 
http://groups.google.com/group/yclsa-eom-forum for different delivery options, 
pages, files and membership.
To UNSUBSCRIBE, please email [email protected] . You 
don't have to put anything in the "Subject:" field. You don't have to put 
anything in the message part. All you have to do is to send an e-mail to this 
address (repeat): [email protected] .

--- 
You received this message because you are subscribed to the Google Groups 
"YCLSA Discussion Forum" group.
To unsubscribe from this group and stop receiving emails from it, send an email 
to [email protected].
For more options, visit https://groups.google.com/d/optout.

Reply via email to