Isolezwe.png
Unqunyelwe ugwayi katiki uNkk Vavi Mlungisi Gumede noCelani Sikhakhane, Isolezwe, Durban, 2 January 2015 UMPHAKATHI waKwaXimba, eCatoridge usunqumele unkosikazi kaNobhala-Jikelele weCosatu uMnuz Zwelinzima Vavi ugwayi katiki ukuba avale aphinde athuthe inkampani yakhe ekule ndawo ngoba ukhala ngokuthi ayiwusizi ngalutho umphakathi. Amalungu omphakathi akhulume neSolezwe akhala ngokuthi uNkk Noluthando Vavi, ongunkosikazi kaVavi, akathembekile uhlale ethembisa izulu nomhlaba kodwa angazifezi ezethembiso zakhe. "Simnika inyanga kaJanuwari yonke ukuba athuthe endaweni, sifuna kuphele uFebhuwari sekukhala ibhungezi emagcekeni enkampani yakhe," kusho uMnuz Muzi Mhlongo okhulumela umphakathi. UMhlongo uthe into ebaphathe kabi kakhulu wukuthi inkampani iZwelothando Minerals and Resources (PTY) Ltd ayibaqashi abantu bendawo isebenzisa kakhulu abantu bokufika kuleli. "Uyedwa kuphela umuntu walapha KwaXimba osanda kuqashwa ngoba umphakathi usulwa kusukela inkampani iqalile ukusebenza eminyakeni engaphezu kweyisithupha edlule. Okunye okuyinkinga wukuthi kwabona laba bantu abaqashiwe basebenza ngaphansi kwama-labour broker," usho kanje. UMhlongo uthe bahlela ukhukhulelangoqo wemashi ezofike ivale amasango ale nkampani kule nyanga lapho bazobe bekhombisa khona intukuthelo yabo. "Sesibongile yile nkampani, siyibekezelele isikhathi eside. Manje sekuyisikhathi sokuthi isishiye ngokuthula," usho kanje. IZwelothando Minerals inenkontileka yokuthutha insimbi ephekwa enkampanini i-Assmang yenkinsela uMnuz Patrice Motsepe. Omunye wabasebenzi abakhulume neSolezwe kodwa wacela ukuba angadalulwa ngoba esaba ukuthi angase aphelelwe yitoho, uthe usesebenze kule nkampani iminyaka emihlanu kodwa akayitholi i-payslip. "Asinawo umholo oqondile umuntu uhola ngokuthi uthuthe umthwalo ongakanani ngeloli ngosuku," usho kanje. Uthe iningi labashayeli bamaloli ngelaseZimbabwe bamukela lokho abanikwa kona. NgoSepthemba abashayeli bamaloli kule nkampani baduba ukusebenza bekhala ngezimo zokusebenza ezingagculisi nokwaholela ekutheni abangu-25, kubona bakhonjwe indlela. UNkk Vavi uthe akanalo ulwazi lokuthi kukhona ukungaboni ngasolinye okukhona phakathi kwenkampani yakhe nomphakathi waKwaXimba. "Engikwaziyo wukuthi kunenyunyana ezama ukuxova abantu ukuze balwe nenkampani yami nokuyinto eyenziwa ukuze kufezwe izinhloso ezithize zezepolitiki. Nakuba kunjalo kodwa angiboni ukuthi bazophumelela kule mizamo yabo abalokhu beyenza ngenkampani yami," kusho uNkk Vavi. From: http://www.iol.co.za/isolezwe/unqunyelwe-ugwayi-katiki-unkk-vavi-1.1800783#. VKklhiuUeD8 Comments thabsq Kuyadlalwa kodwa lapha emhlabeni ngabantu!!! Ozwelinzima Vavi ungababona benza okhukhulelangoqo beziteleka bekhala ngokuxhashazwa kwabantu kodwa lelovangeli abalishumayelayo umfazi wakhe yena wenza okubheke eceleni, udlala ngabantu. Awu impela uma kunje ngize ngikhumbule uHulumeni wakwaZulu. Ubaba uShenge wayengave ezinikele ukusiza umphakathi ngeqiniso, yize wayechashwa ngazo zonke izinhlamba lezi. Namhlanje ongaboni ukuthi sasidlala ogalajane bakaKhongolose akaseyukuphinde avuleke amehlo!!! Ayikho lento bakithi!!!! khethiwe kamaPhenyane zulu mayecabanga kancane uzovalelwa nje company ngento engekho yobutsotsi uzozibona ufana noban uma ungenanqondo -- -- You are subscribed. This footer can help you. Please POST your comments to [email protected] or reply to this message. You can visit the group WEB SITE at http://groups.google.com/group/yclsa-eom-forum for different delivery options, pages, files and membership. To UNSUBSCRIBE, please email [email protected] . You don't have to put anything in the "Subject:" field. You don't have to put anything in the message part. All you have to do is to send an e-mail to this address (repeat): [email protected] . --- You received this message because you are subscribed to the Google Groups "YCLSA Discussion Forum" group. To unsubscribe from this group and stop receiving emails from it, send an email to [email protected]. For more options, visit https://groups.google.com/d/optout.
